Uma ngabe usejele ugwetshelwe icala eliphathelene nezombusazwe isenzo sakhona esenzeka ngaphambi kukaJuni 16, ngo-1999, noma uqeda kuphuma ejele khona futhi ubugwetshelwe icala eliphathelene nezombusazwe usesimeni esihle sokuba ungathola ushwele kuMongameli wezwe.
Hlale wazi-ke ukuthi uma ngabe icala obugwetshelwe lona kungesilo eliphathelene nezombusazwe, awukho sesimeni sokuba ungathola ushwele ngaphansi komthetho omisiwe. Kodwa ungakwazi-ke ukuba ucele ushwele owejwayelekile ngaphansi kweSigaba 84 (j) soMthethosisekelo weRiphablikhi yaseNingizimu Afrka, esinikeza amandla kanye negunya kuMongameli wezwe ukuba anike ushwele, noma asule amacala ezelelesi ebezigwetshiwe.
Lokhu kusho ukuthi kumele ugcwalise ifomu lesicelo ngokushesha.
Emahhovisini amakhulu nawezifunda oMnyango wezoBulungisa nokuthuthukiswa koMthethosisekelo www.gcis.gov.
Uma udinga usizo ukuba ugcwalise la mafomu, iqembu lakho lezombusazwe kumele likusize ukuze uwagcwalise la mafomu ngendlela okuyiyona.
Ifomu lakho lesicelo kumele lingeniswe ngumuntu onegunya weqembu lakho lezombusazwe futhi alingenise ngendlela efanelekile ukuze kube nesifungo noma nesiqiniseko sokuthi leli cala obugwetshelwe lona ngempela belihambelana nezizathu zezombusazwe ngaleso sikhathi, kanti futhi obukwenza ubukwenza ngaphansi komyalo weqembu lakho.
Yiba nokucophelela uma ugcwalisa ifomu lesicelo ngoba lawo agcwaliswe ngendlela efanele yiwona kuphela azobhekwa.
Kumele kube nomuntu oyedwa esicelweni ngasinye. Yonke imininingwane kumele igcwaliswe ngokufanele ngangokweqiniso, kanti futhi kuhambisane nawo wonke amaphepha alindelekile asekelayo.
Iqembu lakho lezombusazwe lingakufakela isicelo; kodwa uma lenza lokho nalo kumele liqinisekise ukuthi ifomu lesicelo ligcwaliswe ngendlela. Kulindelekile ukuba iqembu lakho livume ngaphansi kwesifungo ukuthi leli cala owethweswe lona yicala eliphathelene nezombusazwe.
Kuzoqalwa ngokuba zonke izicelo zihlolwe wuMnyango weZobulungisa. Kuzothi emvakwalokho izicelo zidluliselwe eqenjini elibhekisisa lidlulisele okuthiwa phecelezi yi-RG, elimbandakanya amalunga amaqembu ezombusazwe anezihlalo ePhalamende. Leli qembu lizohlolisisa isicelo ngasinye bese lidlulisela umbiko ophelele kuMongameli wezwe ozomnceda ekwenzeni isinqumo sokuthi uyasenqaba noma uyasivuma lesi sicelo sikashwele. Leli qembu lizoqhubeka ngomsebenzi kuze kube ngu-30 kaSepthemba ngo-2008.
UMnyango wezobulungisa nokuthuthukiswa koMthethosisekelo yiwona ozonikeza izinsiza eziphathelene nomsebenzi wezamahhovisi.
